Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Bakha izindawo eziphakemeyo zaseThofeti elisesigodini sendodana kaHinomu ukuze bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo; engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:31
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


nina enisha phakathi kwama-oki* phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,


“Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angilandelanga oBali,’ na? Bheka indlela yakho esigodini, wazi ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.


Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


“ ‘Wawathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawahlabela zona ukuba adliwe. Babubuncane ubufebe bakho


Ngabangcolisa eminikelweni yabo ngokudabulisa emlilweni konke okuvula izizalo, ukuze ngibachithe, bazi ukuthi nginguJehova.’


Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?


Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi,


wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ