Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Uyothi kubo: ‘Lesi yisizwe esingazange sililalele izwi likaSimakade uNkulunkulu waso, esingakwemukelanga ukuqondiswa; iqiniso lishabalele, lisusiwe emlonyeni waso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kodwa uzakuthi kibo: Lesi yisizwe esingalilaleli ilizwi le Nkosi uNkulunkulu waso, njalo esingamukeli isijeziso; iqiniso lalahleka lanqanyulwa emilonyeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:28
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,


Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.


nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.


“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’ kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’


Bahlubukile bonke nokuhlubuka, behamba behleba; bayithusi nensimbi, bangabachithi bonke.


Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


Awuzwa zwi, awamukeli ukulaywa, awumethembi uJehova, awusondelanga kuNkulunkulu wawo.


Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ