Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Abantwana batheza izinkuni, oyise babasa umlilo, abesifazane baxova inhlama ukwenzela indlovukazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa, ukuze bangicunule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:18
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,


“Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,


Ziningi izinhlupheko zabazizuzela omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yegazi; angiyikuwaphatha amagama abo ngezindebe zami.


Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?


“Kepha nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele iNhlanhla* itafula, nigcwalisele isiMiselo* iwayini elixutshanisiweyo,


abantu abangithukuthelisa ebusweni bami njalo, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini,


Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


“UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”


abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


“Kepha aningilalelanga,” usho uJehova, “naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.”


AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu, nakugcwalisa ngezandla zenu, nathi: ‘Siyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa.’ Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


Awuboni ukuthi benzani emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema na?


Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.


Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abanyama inkulu, wandisa ubufebe ukungicunula.


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.


Wathi kimi: “Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova, babuye bangicunula. Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ