Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 “Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho ungabakhulekeli lababantu, ungabaphakamiseli ukukhala loba umkhuleko, ungangincengi, ngoba kangiyikukuzwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:16
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabapristi.


Ngalokho ngiyeke ukuba ulaka lwami lubavuthele, ngibaqede, ngikwenze ube yisizwe esikhulu.”


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


“Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.


Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”


Awuboni ukuthi benzani emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema na?


Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.


ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ