Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Ngiyakunixosha ebukhoneni bami njengalokhu ngenza nakubafowenu, bonke abozalo luka-Efrayimi.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakunixosha phambi kwami, njengalokho ngaxosha bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:15
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.


Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.


Ngokuba umntwana engakazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, izwe okhathazwa ngamakhosi omabili alo liyakushiywa.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


“Nxa laba bantu, noma umprofethi, noma umpristi, bekubuza bethi: ‘Iyini indaba kaJehova?’ uyakubatshela ukuthi: ‘Yinina eniyindaba,’ nokuthi: ‘Ngiyakunilahla, usho uJehova.’


ngalokho ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle ebusweni bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nawoyihlo,


Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,


Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”


Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


UJehova wathi kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli.


U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.


ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?


U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire, utshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.


Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.


Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ