UJeremiya 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE13 Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga, အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202013 Ngakho-ke ngenxa yokuthi nenze zonke lezi zenzo, kusho uSimakade, nakuba bengikhuluma ngingaphezi, anilalelanga; nganibiza kodwa anisabelanga, kusho uSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202413 Manje, ngenxa yokuba nenzile yonke le misebenzi, uJehova uyakhuluma, futhi ngakhuluma kini, ngavuka ekuseni ngakhuluma, kodwa anilalelanga; ngalibiza, kodwa aniphendulanga; အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.
Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.