Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:11
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli, nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.


Lapho nifika ukubona ubuso bami, ngubani okubize lokhu esandleni senu ukuba ninyathele amagceke ami na?


yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”


Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu


Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” usho uJehova. “Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.


ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.


bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” – nize nenze zonke lezi zinengiso, na?


Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza ‘umhume wabaphangi.’ ”


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”


wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ