Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Njengomthombo ogcina amanzi awo emahle, nalo ligcina kanjalo ububi balo; ubudlova nokucekela phansi kuyezwakala kuwo; ukugula namanxeba kuphambi kwami njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Njengomthombo uthulula amanzi awo, kanjalo uyathulula ububi bawo; ubudlova nempango kuzwakala kulo; phambi kwami kukhona usizi namanxeba njalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:7
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.


Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda akukho okuphelele, ngamanxeba nje, nemivimbo, nemidwa emisha; akukhanywanga ubovu, akuboshwanga, akuthanjiswanga ngamafutha.


Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo, ngokuba alunakuphumula, namanzi alo akhipha udaka nobishi.


Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.


Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima.


Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe; umuthi wokuphilisa awunawo.


Ukhalelani ngokulimala kwakho ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.


Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.


“ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo; wazibeka edwaleni eliyinyabule; akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa-Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.


Ubudlova buyavuka, bube yintonga yokubi, kungasali muntu kubo nasesixukwini sabo, kungasali lutho emfuyweni yabo nasebukhosini babo.


“Yenza iketanga, ngokuba izwe ligcwele amacala egazi, nomuzi ugcwele ubudlova.


Wo kohlubukileyo nongcolileyo, muzi ocindezelayo!


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ