Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi, nibuthele iJerusalema intaba; lonke liyincindezelo phakathi kwalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:6
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “Ayiyikungena kulo muzi, ayiyikucibishela mcibisholo khona; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.


Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.


“Amehlo akho nenhliziyo yakho kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.”


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,


Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:


Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa.


Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.


Wo kohlubukileyo nongcolileyo, muzi ocindezelayo!


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ