Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Izifutho ziyafutha, kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Indawo engaphansi iyafutha, umthofi udliwe ngumlilo; impela bahlungelwa ize nje, ngokuba ababi abakhishiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Isifutho siyasha, umthofu udliwa ngumlilo; umsunguli uncibilika ngeze, ngokuba ababi abasishulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:29
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.


Kepha ngase ngithi mina: “Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ilungelo lami likuJehova, nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Uma ubuya, ngiyakukubuyisa, ume phambi kwami; uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala, uyakuba ngumlomo wami; laba bayakubuyela kuwe, kepha wena awuyikubuyela kubo.


Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?


Ngizikhathazile ngeze, nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo; ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.


“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo,


Kepha walibuyisela isiliva kunina, unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva, wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ