Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 O ndodakazi yabantu bami, bhinca izingubo zokulila, uzigoqe ngomlotha; ulilele njengendodana eyodwa, isililo esimunyu, ngokuba ngokuzumayo umchithi uyakusehlela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:26
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.


Wathatha udengezi ukuzozenwaya ngalo; wayehlezi phakathi komlotha.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Ngalokho ngathi: “Ningangibheki, ngiyakukhala ngomunyu; ningazami ukungiduduza ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”


Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola, nasesikhundleni sebhande* igoda, nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla, nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka, nasesikhundleni sobuhle isishada.


ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.


Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.


Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.


Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga.


Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke liyachithwa. Amatende ami ayachithwa masinyane, nezilenge zami ngokuphazima kweso.


Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka, nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.


Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’ kepha akukho ukuthula.


Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”


Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha.


Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Namakhanka ehlisa, ancelise amazinyane awo. Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.


Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.


Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.


Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ