Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ningangeni ensimini, ningahambi endleleni; ngokuba inkemba yesitha nokwesaba kuzungezile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:25
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni.


Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.


kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi: ‘Niyakuba nokuthula;’ nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.”


“Khulumani kwaJuda, nizwakalise eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze nithi: ‘Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.’


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha, bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: ‘Luvalo nxazonke.’


Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “luvela kubo bonke abakuzungezayo, nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, kungabikho obutha ababalekileyo.


“Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.


Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.


“Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke; akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo. Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.”


Ngiyakushayanisa izandla zami, ngiphumuze ukufutheka kwami; mina Jehova ngikhulumile.”


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ