Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Sizwile umbiko ngakho: izandla zethu zibuthakathaka; sibanjwe usizi nobuhlungu njengobelethayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:24
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,” kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


Imizi inqotshiwe, nezinqaba zithathiwe; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


IDamaseku selibuthakathaka, liyaphenduka ukuba libaleke; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.


Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Zonke izandla ziyakudangala, nawo onke amadolo abe buthakathaka njengamanzi.


Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu, nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala.


Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ