Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngibekela laba bantu izithiyo, oyise namadodana bawe phezu kwazo kanyekanye; umakhelwane nomngane wakhe bazobhubha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:21
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.


Abaningi phakathi kwabo bayakukhubeka, bawe, baphuke, bacushwe, babanjwe.”


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.


Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


“Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga, uyakufela ezonweni zakhe, nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.


NoDavide uthi: “Itafula labo malibe yisihibe nogibe, nesikhubekiso nempindiselo kubo,


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.”


netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ