Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu. Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Ngonyaka wama-23 wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abaJuda abangama-745. Sebebonke abantu abathunjwayo babeyizi-4 600.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba phakathi kwabaJuda abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu; bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:30
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.


Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.


Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.


Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.


nangomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari wathumba eJerusalema abantu abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakuyikhothoza nokuyikhothoza insali yakwa-Israyeli njengomvini; buyisela isandla sakho emaqomeni njengobutha izithelo zomvini.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ