Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba ngolaka lukaJehova kwenzeka eJerusalema nakwaJuda, waze wabaxosha ebusweni bakhe; uZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”


Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.


Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Ngalokho uJehova wathukuthelela u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.


Ngesiphambeko salo izwe linezikhulu eziningi, kepha ngabantu abaqondileyo nabanokwazi liyakuma.


Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni!


Ngiyakubanikeza abaseGibithe esandleni senkosi elukhuni, nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo, lonke uzime lwesinkwa nalo lonke uzime lwamanzi:


Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile na?


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ