Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulala lapho eRibhila, eHamathi. UJuda wathunjwa kanjalo-ke ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Kanjalo uJuda wathunjwa wasuswa ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:27
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri,


UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.


uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


UJehova wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami, njengalokho ngisuse u-Israyeli, ngiwulahle lo muzi engawukhethayo, nendlu engasho ngayo ukuthi igama lami liyakuba khona lapho.”


Umhlaba uyakuba yize leze, uphangwe nokuphangwa, ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.


Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize, nekhaya limukelwe, lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona, libuthise khona, lidle, liqede amahlamvu awo.


Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.


Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.


Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.


Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.


Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo nokuyize, kuphele ukuzidla kwamandla alo; izintaba zakwa-Israyeli ziyakuchithwa ukuze kungabikho odlulayo.


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ