Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 IBabele seliwile ngokuzumayo, lachithwa; hhewulani ngalo, nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu;* mhlawumbe lingaphiliswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 IBhabhele seliwe ngokuphazima kweso, libhidliziwe. Likhihleleni isililo, ubuhlungu balo nibutholele ibhalisamu, hleze lingelapheka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 IBhabhiloni lawa ngokuzumayo, lachithwa; mkhaleleni; thatha amafutha ezinhlungwini zakhe, uma kunjalo, angasinda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:8
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”


Kepha ububi buyakukwehlela, awuyikwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyikuba namandla okuyichezukisa, incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.


“Khuphukela kwaGileyadi, uthathe ibhalisamu,* wena ntombi, ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.


UMowabi ujabhile, uphelile amandla; hhewulani, nikhale, nikwazise e-Arinoni ukuthi uMowabi uchithiwe.


Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi, ngikhale ngaye wonke uMowabi, balilisele amadoda aseKhiri Heresi.


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


“Yeka ukunqotshwa kweSheshaki nokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba! Yeka ukwenziwa kweBabele isimangaliso phakathi kwezizwe!


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Hhewulani, nithi: “Wo ngalolo suku!”


Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo.


UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.


Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho; umvimbo wakho unzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe, ngokuba ngubani ububi bakho obungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?


Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.”


Yamemeza ngezwi elinamandla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ