Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:57 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

57 Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Ngiyakudakisa izikhulu zayo nezihlakaniphi zayo, nezikhulu zayo, nezikhulu zayo, namaqhawe ayo; bayolala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:57
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.


“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’


“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.


Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa ezitaladini zalo, nawo onke amadoda alo empi ayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.


Sebevuthile, ngiyakubenzela idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.


Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.


Abelusi bakho balele, nkosi yase-Asiriya; abakhulu bakho bayaphumula; abantu bakho bahlakazekile ezintabeni, akakho obabuthayo.


“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”


“Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ