Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:53 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 Noma iBabele likhuphukela ezulwini, yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

53 “Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Noma iBabele likhuphukela ezulwini, noma liqinisa indawo ephakeme yamandla alo, nokho abachithi balo bayakufika phezu kwalo bevela kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:53
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,


Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva, negolide angathokozi ngalo.


“Ukhona engimvusile esenyakatho, wafika, nasempumalanga, ukuba abize igama lami; uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka, njengombumbi exova ibumba.


“Hlala uzithulele, ungene ebumnyameni, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


“Khuphukela ezweni laseMeratayimi,* kulona nakwabakhileyo ePhekodi,* uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova, wenze konke engikuyale ngakho.


UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali, ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.


Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngeBabele namacebo awacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe impela, ikhaya labo limangale ngabo.


“Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu. UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe, ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.


Bese kuqhumuka izulu nomhlaba, nakho konke okukukho, ngokuhlabelela ngeBabele, ngokuba abachithi bayakumfikela bevela enyakatho,” usho uJehova.


ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa, neminsalo yawo iyaphulwa, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo, uyakhokha nokukhokha.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBabele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo; abantu bakhandlekela ize nezizwe okomlilo, zikhathale.”


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”


“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ