Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 “Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abafokazi bangenile ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

51 “Sijabhile, ngokuba sithukiwe; ubuso bethu buthelwe ngehlazo, ngokuba abafokazi bangene ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Sijabhile, ngokuba sizwe inhlamba; amahloni asibekela ubuso bethu, ngokuba abezizwe bangenile ezindaweni ezingcwele zendlu kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:51
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.


Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; bangcolisile ithempeli lakho elingcwele; benze iJerusalema libe yincithakalo.


Buyisela kubakhelwane bethu, kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.


Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?


Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.


Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.


Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.


“Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.


nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.


Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola, nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.


Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyingcolisa indlu yami engcwele, ukuziqhenya kwamandla enu, okunxanelekayo emehlweni enu, okuhawukelwa ngumphefumulo wenu; amadodakazi enu eniwashiyile ayakuwa ngenkemba.


Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.


Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.


Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Aphuma, abulala emzini.


“Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.


“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ