Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakumela indaba yakho, ngikuphindisele, ngishise ulwandle lwalo, ngomise umthombo walo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

36 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngiyakuyimela indaba yakho, ngikuphindiselele, ngilomise ulwandle lwalo, ngenze umthombo walo ushe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakulwela indaba yakho, ngikuphindisele; ngiyomisa izilwandle zalo, ngomise nemithombo yalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:36
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,


Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.


ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.


ngokuba umhlengi wazo unamandla; uyakumela indaba yazo kuwe.


Amanzi ayakuphela elwandle, umfula wome, ushe.


Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.


oshoyo kuwo umsinga ukuthi: ‘Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;’


Makufike ukusha phezu kwamanzi alo, aze ome, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanya ngemifanekiso yabo.


“Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu. UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe, ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe, ninganqunywa ngokona kwalo, ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova, uyakuliphindisela.


Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”


“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.


ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”


Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ