Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wangidla, wangichoboza, wangenza isitsha esingenalutho, wangidla njengodrako, wagcwalisa isisu sakhe ngezibiliboco zami, wangixosha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:34
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ugwinyile ingcebo; uyakubuye ayihlanze; uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.


Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho, wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.


sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;


Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.


Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”


“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”


Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’


Ngiyakuhambela uBeli eBabele, ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo; izizwe azisayikugobhozela kuye, ugange lwaseBabele luyakuwa.


“Yebo, neBabele limelwe ukuwa, nina babuleweyo bakwa-Israyeli, njengalokho iBabele laliwelwa ngababuleweyo bomhlaba wonke.


Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.


Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo, zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: “Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.”


ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu,


U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.


Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,


Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ