Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “Misani ibhanela* ezweni, nibethe amacilongo phakathi kwezizwe, ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo, nilibizele imibuso yase-Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi, nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 “Phakamisani ibhanela ezweni, nishaye icilongo ezizweni, nivivise izizwe ukuba zilwe nalo, nibize imibuso yase-Ararathi, yaseMini nase-Ashikhenaze, ilihlasele. Nibeke induna yamabutho amelane nalo, nithumele khona amahhashi anjengequlu lesikhonyane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Misani ibhanela ezweni, nibethe icilongo phakathi kwezizwe, nilungisele izizwe ukulwa nalo, nibizele kulo imibuso yase-Ararati, neMini, ne-Ashikenazi; bekani induna phezu kwayo; okwenza amahhashi akhuphuke njengezibungu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:27
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noRifate, noThogarma.


Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati.


Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma.


Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela* liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.


Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.”


Bagawula ihlathi lalo,” usho uJehova, “ngokuba alinakuhanjwa, lokhu bebaningi kunesikhonyane, bengenakubalwa.


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.


Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu, livela ezweni lasenyakatho, lizihlelele lona, linqotshwe lapho; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.


Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele, niqinise umlindo, nimise abalindi, nihlele abaqamekeli, ngokuba uJehova ukuhlosile, futhi wakwenza lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.


UJehova Sebawoti uzifungile wathi: Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi, bayakuhalalisa nokho ngawe.


Lingcweliseleni izizwe, amakhosi aseMediya, nezinduna zalo, nababusi balo, nalo lonke izwe elibuswa yibo.


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe, ningcwelise impi, niwavuse amaqhawe; mawasondele, enyuke onke amadoda empi.


Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?


Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.


Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ