Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade, “wena obhubhisa umhlaba wonke; ngiyakwelula isandla sami ngikushaye, ngikugingqagingqe emadwaleni, ngikuphendule intaba eshisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 “Bheka, nginakho ngawe wena ntaba eyincithakalo,” usho uJehova, “wena ochitha umhlaba wonke; ngizokwelulela isandla sami kuwe ngikugingqe emadwaleni ngikwenze intaba eshisiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:25
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Misani ibhanela* entabeni elucwatha, nibaphakamisele izwi, nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali, ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.


“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBabele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo; abantu bakhandlekela ize nezizwe okomlilo, zikhathale.”


IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.


Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.


Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ