Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo, ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 ngawe ngiphahlaze ihhashi nomgibeli walo, ngawe ngiphahlaze inqola nogibele kuyo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngiyakuchoboza ngawe ihhashi nomgibeli walo; ngiyakuchoboza ngawe inqola nomgadi wayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:21
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.


Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse elwandle; izinduna zakhe ezikhethiweyo zaminza eLwandle Olubomvu.


okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi,’ isho iNkosi uJehova.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”


ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.


Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.


Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.


ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ