Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke, yebo, nesizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:19
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.


UJehova uyisabelo esahlukaniselwe mina, nendebe yami; wena uqinisa ifa lami.


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.


Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo, owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho, nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.


Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.


Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonke ngokufutheka komcindezeli njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?


Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


“Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:


“Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


Ngokuba o-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.


UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ