Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 “Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe weneka izulu. Izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, weneka izulu ngokuqonda kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:15
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;


ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.


Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo,


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.


Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho nowakubumba kwasesiswini, uthi: “NginguJehova owenza konke, oweneka izulu yedwa, nowendlala umhlaba ngokwakhe,


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.


Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonke ngokufutheka komcindezeli njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?


Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.


“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ