Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele, niqinise umlindo, nimise abalindi, nihlele abaqamekeli, ngokuba uJehova ukuhlosile, futhi wakwenza lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Phakamisani ibhanela ngasogangeni eBhabhele, nengeze abaqaphi, nimise abalindi, nibeke abazolala unyendle, ngokuba uSimakade ukuhlosile, futhi uyakukwenza lokho akhuluma ngakho kwabakhileyo eBhabhele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Misani ibhanela phezu kwezingange zaseBabele, niqinise abalindi, nimise abalindi, nilungise abaqamekeli, ngokuba uJehova ukucabangile, wenza lokho akukhulumayo kwabakhileyo eBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:12
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,* ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Misani ibhanela* entabeni elucwatha, nibaphakamisele izwi, nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.


Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.


Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali, ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.


“Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu. UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya, ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe, ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Misani ibhanela* ezweni, nibethe amacilongo phakathi kwezizwe, ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo, nilibizele imibuso yase-Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi, nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo, kuze kungabikho ohlala khona.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


ngiyakubutha zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati, ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bami nesabelo sami u-Israyeli, ezibahlakazile phakathi kwezizwe, zabela izwe lami.


Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.


Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ