Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 “Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo. Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Abazidlayo bayokhubeka bawe, futhi akekho oyobaphakamisa; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, umqede nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:32
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.


Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.


Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.


Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu, usho uJehova, ngiphembe umlilo ehlathini labo, uqede konke okungakhona.’ ”


“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”


Abayikuthatha kuwe itshe legumbi netshe lesisekelo, ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade,” usho uJehova.


uthi: ‘Kanjalo iBabele liyakushona, lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale.’ ” Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.


Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire, uqede izindlu zalo zamakhosi.”


Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.”


Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza, uqede izindlu zalo zamakhosi.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayikuvuka; iphonsiwe phansi, akakho ongayivusa.”


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ