Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu, kepha liyakuba yincithakalo lonke; bonke abadlula eBabele bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Ngenxa yentukuthelo kaSimakade aliyukuhlalwa muntu, kodwa lonke liyakuba yincithakalo. Bonke abadlula eBhabhele bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlekelele zalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngenxa yentukuthelo kaJehova ayiyikuhlalwa, kepha iyoba yihlane ngokuphelele;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:13
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


“U-Edomi uyakuba yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.


Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’


Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.


IBabele liyakuba yizinqwaba, nendawo yokuhlala kwamakhanka, nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.


Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Abantu bayakumshayela ihlombe, bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.


“Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,


Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”


Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.


Abayikuthatha kuwe itshe legumbi netshe lesisekelo, ngokuba uyakuba yincithakalo kuze kube phakade,” usho uJehova.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo, kuze kungabikho ohlala khona.


uthi: ‘Jehova, wena ukhulumile ngale ndawo ukuba uyinqume ukuze kungabikho muntu ohlala kuyo, umuntu nasilwane, ngokuba iyakuba yihlane kuze kube phakade.’


Abathengi phakathi kwabantu bayakuncimfela; usuyincithakalo; awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ