Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 IKalideya liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 IKhalideya liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayokweneliswa,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 IKaledi liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayakusutha, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:10
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izintambo zakho ziyaxega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo, azinakumeneka useyili;* khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo; nezinyonga ziyakuthatha impango.


Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.


Lifikeleni nivele emkhawulweni, nivule izinqolobane zalo, nilinqwabele libe yizinqwaba, niliqede nya, kungasali lutho kulo.


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


“Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu,” usho uJehova.


“Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yami mabube phezu kweBabele,” makasho njalo owakhileyo eSiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya;” malisho njalo iJerusalema.


UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo.


Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ