Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Angiyukubajezisa yini ngenxa yalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esifana nalesi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kangiyikujezisa ngenxa yalezi zinto? usho uJehova, kepha umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 5:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.


Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti, uMninimandla ka-Israyeli: “E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami, ngiziphindisele ezitheni zami,


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova.


Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”


Siphambukile, sahlubuka; wena awukuyekelanga.


Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.


Iso lami aliyikuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.


Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.


Ngeyami impindiselo nembuyiselo ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo, ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele, izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.


Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ