Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 “Yehlani nenyuka emigwaqweni eJerusalema, nibheke nxazonke, niqaphele, nicinge ezigcawini zalo, uma niyofumana umuntu abe munye vo owenza ubulungiswa, ofuna iqiniso; khona ngiyolithethelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Gijimani ezitaladini zaseJerusalema, nibheke, nazi, nifunisise ububanzi bayo, uma ningathola umuntu owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; futhi ngizokuthethelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 5:1
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.


UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?


Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda.


Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi:


Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


“Niphikisanelani nami na? Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.


Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:


Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: “Ngenzeni na?” Bonke baphendukela emisebenzini yabo njengamahhashi aphulukundlela empini.


Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.


Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?


“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.


Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.


yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.


“Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’


nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ