Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Balekani, niphenduke, nihlale ekujuleni, nina bakhileyo eDedani. Ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.


Isiprofetho nge-Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya nina mahele aseDedanimi.


Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.


iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,


Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.


Shiyani imizi, nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi, nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.


“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini, okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo, phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.


Balekani, nisindise ukuphila kwenu, nibe njengesihlahla esiyize ehlane.


“Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori,” usho uJehova, “ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani, waceba amacebo ngani.


Amakamela aso ayakuba yimpango, nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke, bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani.


kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”


Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.


Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ