Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “luvela kubo bonke abakuzungezayo, nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, kungabikho obutha ababalekileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla, “kuvela kubo bonke abakuzungezileyo; niyakuxoshwa; kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela, kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bheka, ngiyakwehlisela ukwesaba phezu kwakho, isho iNkosi uJehova Sebawoti, phezu kwabo bonke abakuhaqayo; futhi yilowo nalowo kini uyakuxoshwa masinyane; futhi akekho oyobutha odukayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:5
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”


Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


“Lulekanani, nenze izinqumo, ubeke isithunzi sakho njengobusuku phakathi kwemini, nithukuse abaxoshiweyo, ningadaluli ababalekileyo.


Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha, bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: ‘Luvalo nxazonke.’


Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.


“Chezukani, ningcolile!” bamemeza kubo: “Chezukani, chezukani, ningathinti!” Lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: “Abasayikugogobala lapha.”


Niyakuphuma emifantwini, kube yilowo nalowo ngoqondene naye, nilahlwe eHermoni,” usho uJehova.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ