Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 49:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ukwesabeka kwakho kukhohlisile, nokuzidla kwenhliziyo yakho, wena ohlala emifantwini yedwala, obambe indawo ephakemeyo yentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 49:16
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.


Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?


Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.


Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.


Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo ngibuthile wonke umhlaba, akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo.”


ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.


Noma kunjalo, uJehova uthi: “Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa, nempango yabacindezeli iyakophulwa, kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe, ngisindise abantwana bakho.


“Ningasho kanjani ukuthi: ‘Singamaqhawe namadoda anamandla okulwa’ na?


“Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


“Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla, kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,” usho uJehova.


Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!


kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ