Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakuchithwa, ithafa liqothulwe, njengalokho uJehova eshilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Umbhubhisi uyakutheleka kuyo yonke imizi, akuyukuphunyuka muzi; isigodi siyobhujiswa, ithafa liqothulwe; lokho ukushilo uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakubhubha, ithafa libe yihlane, njengalokho uJehova ekhulumile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:8
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.


ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele, amaqhawe alo ayabanjwa, neminsalo yawo iyaphulwa, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo, uyakhokha nokukhokha.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi, kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi,


neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni,


nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe.


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ