Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Imizi inqotshiwe, nezinqaba zithathiwe; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

41 Imizi iyakudliwa, nezinqaba zithathwe. Ngalolo lusuku, izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 IKeriyoti ithunjiwe, nezinqaba ziyathuthumela, nezinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ngalolo suku ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ezindleleni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:41
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu, bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala. Ubuso babo bungubuso bamalangabi.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “inhliziyo yenkosi iphele kanye nezinhliziyo zezikhulu; abapristi bayakumangala, abaprofethi bethuke.”


neKeriyote, neBosira, nemizi yonke yezwe lakwaMowabi ekude noma eseduze.


Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


IDamaseku selibuthakathaka, liyaphenduka ukuba libaleke; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla awo aphelile, anjengabesifazane; izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo yaphuliwe.


Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ