Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela, ngokuba ngimaphulile uMowabi njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 Kukhona isililo phezu kophahla lwakwaMowabi, nasemashashalazini akhona, ngokuba uMowabi ngizakumphohloza njengesitsha esingafunwa muntu,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Phezu kwezindlu zonke zakwaMowabi nasezitaladini zakhe kuyakuba khona isililo, ngokuba ngimaphulile uMowabi njengento engemnandi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:38
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka, nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.


Isiprofetho ngesiGodi Sombono. Yini, pho, ukuba ukhuphukele wonke ophahleni lwezindlu


Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”


“Bese waphula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe,


uthi kuwo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo laba bantu nalo muzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezukubuye sihlanganiswe; bayakumbela eThofeti, ngokuba akuyikubakho ndawo yokumbela.


Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?


Hhewulani nina belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.


U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.


uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ