Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri; amagatsha akho adlulile ulwandle, afinyelela elwandle lwakwaJazeri; umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Ngiyakukhalela wena mvini waseSibhina, ngikukhalela kakhulu kuneJazeri, ngokuba amagatsha akho alwedlulile ulwandle, aze afinyelela olwandle eJazeri. Umbhubhisi uzakuthelekela izithelo zenu namagilebhisi enu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Wena mvini waseSibima, ngiyakukhalela ngokukhala kukaJaseri; izitshalo zakho zawela ulwandle, zafinyelela olwandle lwaseJaseri; umchithi uwile ezithelweni zakho zasehlobo nasekuvunweni kwakho kwemivini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:32
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina, buthani iwayini, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.”


Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.


Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakuchithwa, ithafa liqothulwe, njengalokho uJehova eshilo.


UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,


“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,


neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.


neKiriyatayimi, neSibima, neSereti Shahari entabeni yasesigodini,


Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,


neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, yonke iyimizi emine.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ