Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu, ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Sikuzwile ukuzidla kukaMowabi, uzidla, ukuzidla kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuzidla kwenhliziyo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:29
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.


Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.


Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe, yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.


Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.


Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo, nababi ngezono zabo, ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo, ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.


Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ