Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, wena sakhamuzi, ndodakazi ehlala eDibhoni, ngokuba umbhubhisi kaMowabi usefikile, uzobhubhisa izinqaba zakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Indodakazi yakho ehlala eDiboni yehla enkazimulweni yakho, ihlezi ngokoma; ngokuba umchithi wakwaMowabi uyakunifikela, achithe izinqaba zenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:18
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waya wahlala phansi kukhashana phambi kwakhe, kungathi ibanga lokuphonsa umcibisholo, ngokuba wathi: “Ngingebone ukufa komntwana.” Wahlala phambi kwakhe, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


“Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.


Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi, nabadumileyo babo bayalamba, nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.


Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo.


“Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”


“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,


neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni,


kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni,


Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ