Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 UMowabi uyakubhujiswa, nemizi yakhe ihlaselwe; izinsizwa zakhe zekhethelo zehlele ukuyobulawa,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UMowabi uphangiwe, wakhushulwa emizini yakhe, nezinsizwa zakhe ezikhethiweyo ziyile ekubulaweni, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:15
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.


UMowabi uchithekile; abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


“Ngiyakubehlisela ekuhlatshweni njengamawundlu, njengezinqama nezimpongo.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.


“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ