Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 UMowabi uyakujabha ngoKhemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBhetheli, ithemba layo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UMowabi uyakuba namahloni ngoKemoshi, njengalokho indlu yakwa-Israyeli yaba namahloni ngeBethele ekuthembeleni kwayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:13
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.


USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaprofethi bakaBali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulala khona.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye: “Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?”


Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.


Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,


Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.


“Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayo abayakumthambeka, bazithulule izitsha zakhe, baziphohloze izimvaba zakhe.


“Yeka ukuphela kwakhe amandla. Hhewulani! Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni, uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandla kubo bonke abamzungezayo.”


Maye kuwena Mowabi! Abantu bakaKemoshi baphelile, ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.


Ngokuba ngenxa yokwethemba kwakho imisebenzi yakho nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.


Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ