Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayo abayakumthambeka, bazithulule izitsha zakhe, baziphohloze izimvaba zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “engiyakuthumela kuye abagumbuqeli abayogumbuqela izitsha zakhe, bathulule izimvaba zakhe, baziphohloze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakuthuma abazulazulayo kuye abayakubazulazula, bathulule izitsha zabo, baphule amasaka abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.


Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.


“Bese waphula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe,


Hhewulani nina belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela, ngokuba ngimaphulile uMowabi njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.


Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakuchithwa, ithafa liqothulwe, njengalokho uJehova eshilo.


Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ