Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 “Makaqalekiswe lowo owenza umsebenzi kaSimakade ngokunganakekeli, aqalekiswe lowo onganindi inkemba yakhe ngegazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uqalekisiwe owenza umsebenzi kaJehova ngenkohliso, futhi uqalekisiwe ogodla inkemba yakhe egazini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:10
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi inkosi isidlula, wamemeza enkosini, wathi: “Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: ‘Linda lo muntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta* lesiliva.’


Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha, kanti wayesehambile.” Yayisithi kuye inkosi yakwa-Israyeli: “Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.”


Wathi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.’ ”


Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: “Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.”


uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano,


“Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.


Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova, na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”


UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali, ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


kepha ningemi nina; xoshani izitha zenu, nibulale ezingasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”


‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi kaJehova; ‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehova ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ