Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 48:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 NgoMowabi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Wo kulo iNebo, ngokuba lichithekile, iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe; iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 NgoMowabi usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye kulo iNebo! ngoba lonakele; IKiriyatayimi laba namahloni, lathathwa; UMisgabi unamahloni futhi uthukile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 48:1
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,


Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.


“Bheka, manje abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u-Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,


Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.


Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakho uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.


Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.


ukuthume enkosini yakwa-Edomi, nasenkosini yakwaMowabi, nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire, nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,


iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


“Ngiyambona, kepha kungemanje; ngiyambheka, kodwa kungeseduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli, ishaye uMowabi emaceleni, ichithe onke amadodana kaSeti.


“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,


Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.


neKiriyatayimi, neSibima, neSereti Shahari entabeni yasesigodini,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ