Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 46:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 NgeGibithe ngempi kaFaro Nekho inkosi yaseGibithe eyayingasemfuleni u-Ewufrathe eKharikemishi, owayinqoba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 NgeGibhithe: ngempi kaFaro Nekho, inkosi yaseGibhithe eyayingasemfuleni iYufrathe eKharikhemishi, eyanqotshwa nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 NgeGibhithe, ngokumelene nebutho likaFaro Nego, inkosi yaseGibhithe, eyayisemfuleni u-Ewufrathe eKharikemishi, owanqoba uNebukadinesari, inkosi yaseBhabhiloni, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 46:2
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Manje bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyakungena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.


Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.


UFaro Nekho wambopha eRibila ezweni laseHamati ukuba angabe esabusa eJerusalema, wathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.


Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo, ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.


IKalino alinjengeKharikemishi na? IHamati alinjenge-Aripadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?


Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.


Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.


Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele,


kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke,


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli zwi lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


Uyakufika, ashaye izwe laseGibithe, abokufa babe ngabokufa, abokuthunjwa babe ngabokuthunjwa, abenkemba babe ngabenkemba.


Izwi uJeremiya, umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya, ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lokuthi:


“Yazisani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: ‘Suka ume, uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ