Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 45:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi ingabe uyazifunela izinto ezinkulu? ungabafuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela ububi phezu kwayo yonke inyama,” usho uJehova; kepha ngiyakukunika ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke oya kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 45:5
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.


Wathi uNkulunkulu kuye: “Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,


Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”


Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?


Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.


Ngokuba uJehova uyakwahlulela inyama yonke ngomlilo nangenkemba; ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.


Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.


Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.”


nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.


Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba, ngokuba uJehova uyamelana nezizwe; uyahlulela inyama yonke, kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”


Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.


Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ